DSCN9640
His Majesty  The King Goodwill Zwelithini  KaBhekuzulu and Prince Mangosuthu Buthelezi (picture by Bigtime-mag)

Kulindeleke kube ubuhle njengenjwayelo kusasa Ngomgqibelo kuzihambeli ezizobe zizokotha Ingonyama yamaZulu Prince Goodwill  Zwelithini KaBhekuzulu ngesikhathi iguba usuku lwayo lokuzalwa esigodlweni KwaLinduzulu,uma Ingonyama Igubha usuku lwayo kuba injabulo kuphela njengoba abaculi basuke beshiyelana inkundla, izidlo neziphuzo ezimnandi izinkulumo ezihlabahlosile kusuka kuNdunankulu KaZulu Mntwana wakwa Phindangene Prince Mangosuthu Buthelezi ethula  Isilo ngaphambi kokuba sikhulume nezihambeli ezahlukene ezisuke zizokotha Ingonyama .abantwana basendlunkulu abasuke bekhona ukuzoqondisa isimo nokuqinisekisa konke kuhamba kahle.

 

Embikweni yakaMuva yabezindaba iveza ukuthi umholi weqembu le Economic Freedom Fighters  Mnumzane Julius Malema uhambele endlunkulu esigodlweni seSilo ezofisela Ingonyama usuku Oluhle Lokuzalwa njengoba ekhona lapha KwaZulu Natal ukuzogubha iminyaka emine leliqembu lasangulwa, Malema usixoshise  Imbube ngamasikazi amane amithi nenkunzi yenkomo eyodwa esigodlweni seMbube kwaLinduzulu KwaNongoma ngoLwesine,EFF izobamba umcimbi ezinkundleni zemidlalo Curriesfontein  Ethekwini.Mnumzane Julius Malema

ISILO sigubha iminyaka  engamashumi  ayisithupha nesishayagalolunye 69 bese kuba yiminyaka engama 49 sikhona esihlalweni sobukhosi bukaZulu.

Advertisements